Valangebhetshu mfokaNqindi!
Uzoquphuka umhlaba wawoZimangele
Izobhuquza inganunu bafahlake abafo
Mayibuye iAfulika!
Vuka silingane zwekazi,
Amagusu mawaminze abafo,
Isitha masibhenyiswe izinhlamvu
Mayikhululwe iAfulika,
Iketango lokugqilaziswa malihlashaziswe,
Mayakhiwe iAfulika.
Isitha siyovevezela sidlalise okomhlanga,
Iyeza iAfulika iyokhululeka yonke!
Vala ngewisa mfokaKleke!
Buyisa iAfulika ngesizenze we Petula!
Notes
The English Translation may be found here
http://oldpoetry.com/opoem/show/117590
